KHOHLWA AMASHELELENI..AMATHEKENI..NOKUBLOMA EMAKHONENI DONSA IPHEPHA NE PEN

EKHAYA NGAFIKA KUQALA NGAZALWA I MEAN NGADALWA NGAQANJWA AYANDA COZ KWAKUBANDA

Friday, October 28, 2011

IIIINKONDLO

NIZWAN NGALOMBUZO NICABANGANI
IMIZWA YONA ITHINI
UNGASANGIPHENDULA NGOMLOMO UZONGIPHENDULA SOWUCABANGILE WAJULA IMICABANGO YAJUTSHWA
YAJUTSHWA KOWAKHO UMOYA WAJABULA WAJALA WAKHATHAZEKA WAZE WAKHALA
QALA KE MANJE SEKUYISIKHATHI KE MANJE NGIBHALE UNGIBHALE KEPHA UQAPHELE PHELA MINA ANGISIYE OWAMA PUNCHLINES
NGINGESIYE NOWAMA RYMMES NGIYAZI WENA NDODA AWAZI UKUTHI KUZOKUTHATHA ISIKHATHI UKUNGENZA UMFAZI
NGAKHO, NGAKHO WADLISA AMAGAMA KMINA AWUCABANGILE FUTHI AWUHLUZEKILE YIKHO UNGEKE UNGIHLUZE NAMI NGEKEN NGIZE NGIKUQOME
KUMBE NGIZIDLISE SATSHANYANA NJENGENTOMBAZANYANA ENCANYANA ZE WENA UNGISHELE
SEBENZISA INZWA YOKULALELA BESE INDLEBE UYAYISONDEZA UMA UFUNA NGIBE OWAKHO UMABHEBEZA
AWUTHI NGIKUTSHELE NGAPHAMBI KOKUTHI UNGISHELE XOXA NENHLIZIYO ZE UQALE LE EWUMQANSA  YOKUQONYWA IMINA IMINA PHELA LO ODILA NEMIZWA NDIDINWA IMICABANGO NGOBA SENGIKUQOMILE KE BHUTI MADLISA ANGIDINGE KOMA NGOME NGOMELE LEMIZWA ONGAYIBHALI EPHEPHENI
LEMIZWA ONGAYIHAYI ESIDLANGALALENI ZE NAMI NGITHOLE ELAM PHELA IGAMA

NAMI BONKE LOBO NGIBACULE SENGIZAZI KUNGEZAZI SENGIZAZI KUNGEKUCHITHEKA GAZI PHELA SENGINGOWAKHO UMFAZI
NGENXA YOKUNOTHA KOLWAKHO ULIMI IZAGA IZISHO KANYE NEMICABANGO
INHLANGANISELA ENGENAMBANGO PHELA INGILETHELA LONA NJE UDUMO
LOLU ABANINGI ABANGALIFIS NGENXA YOKUNGALIZWISIS PHELA ALUZI NGESINGISI
KEPHA LUZA NGOBISI LUKA MAGEBA LUZONGIQAMBA IGAMA
UNONJABULO I MEAN NGINEJABULO UKUTHI ELAMI LIQANJWE ILOKHU KWASEMONDLO ELAMI LITHI NKONDLO ELAM LITHI NKONDLO\

MAQHAWE NONKE NGINIQOMILE THATHANI KE MANJE KONKE OKUSEMQONDWENI ENIKUZWA KUBHAKUZISA ENHLIZIYWENI KUHAMBISA IGAZI EMZIMBENI NIKUQOQE NDAWONYE NGEPHEPHA NEPENI HAYBO MINA NGIYINKONDLO NGIYEKELENI ZIMBONGI ANINGIBHALENI ZE ABANYE NGOKUFUNDA UBUMINA BAZUZE UKUZELULA AMATHAMBO
PHELA MINA NGIYINKONDLO EDLULISA
IMIYALEZO EZOKUYISA KWAMPHELANDABA ZIPHELIZINDABA NAMI NGEMVUME YAMI NAWE QHAWE SIQAMBE ELIMELE UMSHADO WENA UBE YINHLOKO MINA NGIZOZA NESIHLOKO

LESI SIHLOKO ISIHLOKO ESINGENHLOKO NGOBA ZININGI ZIYAHLOMA ZIHLOMELA UKUHLOKOLOZA IZINHLIZIYO ZE BAZUZE UKHUHLALA NGOBUHLAKANI KULOMHLABA  OGCWELE UKOMA
BOMELE LOLUJU LOFANA MSINDO SEKUSUKUMSINDO KLABA ABAQOMA UKUQALA AMAQHINGA OKUJOLA
BEQALA UKUFUNA UKUQABULA MINA NGIYINKONDLO KEPHA BAYANGILWISA BAYANGIPHIKISA BAZIPHENDULA AMAQABA LABA
BATHI BENGIPHIKISA MINA NGIBE NGIZIVUMELA
PHELA LOKHU UKULA KULESAKHIWO SANGAPHANDLE AKUSILO IRYMME KE[PHA IVUMELWANO SIGCINO,
SIGCINO EKUGCINENI EMVA KOKUQALA KWEYOKUQALA IMVUMELWANO

WEH QHAWE WEH MBONGI KUSELE OWAKHO UMTHWALO
KUSELE OWAKHO UMCABANGO ZE NGINYUKE LOMBANGO
UYANGIZWA MBONGI KUSELE NEMIZWA QHAWE NGIYANCENGA NGINOTHISE NGAMAZWI  AYOLISWE NGOSAWOTI ZE NGIPHENDUKE UNQGAMBOTHI BESE NGIBONE AMANDLA ALOMDALI ADLA WENA MBONGI
LAPHO KE NGEKE NGINGAMBONGI PHELE NAWE MBONGI
UNGIQAMBE NKONDLO YEBO NGIYILOKHO MBONGI OTHI NGIYIKHO YIKHO NJE NAMI NGIZOKWENZA UBHONE UBONGEN NGAMI PHELA WENA UNGIQAMBILE MINA NGIKUSEBENZISILE ZE WENA USEBENZISE MINA BESE NAWE UQANJWE MBONGI
CHA NGIGUQE NGEDOLO NGIAVUMA NGIQINISILE NGIQINISILE NGITHI:INKONDLO IMBONGI KWAHLANGANISWA UNKULUNKULU NGAKHO OKUHLANGANISWWE UNKULUNKULU AKUNGAHLUKANISWA MUNTU
PHELA UMDALI UKHOMBISILE UKUTHI UNEPLAN
YIKHO NAMI NGIZIQHENYA NGELAMI IGAMA IIIINKONDLO 

Wednesday, October 12, 2011

ngale kwethuna

kmina seliqaqambe laqhuma ladlula lelithumba
ngiphumulile ngale kwethuna ngyababuka
nyababuka behleka bekhleka beyithimba behleka lelithumba kowam umzimba
nyanibona nimaqembuqembu ningiklolodela ngezwa ubuhlungu
ubuhlungu ngathi ngishaywe ngemvubu

kuyini ukuzonda uthando
kuyini ukuphila kulomhlaba odida njengomlabalaba
kungcono manje ngiphumulile la kwmhlaba
nginibuka ngale kwethuna
ngikhumbula emngcwabeni kwakugcweleni kugcwele bona
labo ngcwelengcwele bakamhlaba,
bangmarketha phambi kwakho baba,
benghleba ngibabhekile baba,
kodwa lomhlaba wakho baba mina manje ngiyawusaba ngenziwa ilaba
kodwa lana engikhona sengaphumula sengingale kwethuna
ngibabukule le kwamhlaba ongemhlaba
ogcwele ukuma ukomela ubuntu umuntu ayikho ngaphakathi
weh bathakathi sihambile isikhathi nje ngoba ninga shoot
ngenganono yolwazi kepha kuyinganono yokwazi ukungazi ukwazi
esh nami angisaz yikho ngingenalwazi lwangalana kwethuna
kodwa one dae ngizolithola ithuba
ithuba lokuvakasha ngale kwethuna
ngbabuke behlekisa ngobuntu babo bangaphakathi labathakathi bangakithi abayimvilikithi
niyaya ngale kwethuna uma selifikile ithuba

ngayihambela ingculaza

ngculaza ugcwele usifak'hlazweni
mpilo yami yasezweni ulenge'weni
nhliziyo yam ucwil'mafutheni
phela wena ngculaza uyangihlaza
ngakho phela ukuthi ngalaza
ngizibuka kdala zikhula ngizindakaza
zonke lezi zangasekhaya phela ngangisayintwana
yebo ngangisawumshana
yikho ngasekhaya mina ngashaya indiva
ngiziba ngifuna zona phela ezasemazweni
phela ngikhohliswe izwi ngizwe izwi lomdala wabadala kdala edalula:"induku enhle igawulwa ezizweni"
kanti mina angizogawula ezizweni ngizoba no gawu lwayo phela ingculazi
mina manje sengizofa ukufa engakuhambelayo
ngikhalela ifa abazali abalakhayo sengizoba into edabukisayo
ngyakhala ngyadabuka ngidaubukela wena ke mphefumulo wami phela
nyakthanda mphefumolo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami

bantu basifazane

baphi ofakazi webafazi
aningashalazi hybo aningalazi
yebo khona emlazi kumndandi futhi kuyachaza
kepha nina nibhenga ngokunyatuza
bese isifazane niyasihlambalaza
hybo sifazane ngiyababaza
phela mina ubunina buyangimangaza
umuntu wesifazane ake akhuzeke
ninodwa nikhuzane ngokukhuzana ningakhungathani
cha ningathakathani
awu wesifazane ngiyanikhuza lalelani mamelani shintshani
nina besimame mbokodo qinile
gabade ongetshe nkokungabi lkhuni
yebo manje aningabi lkhuni
nina besimame nina besifazane
ze umphefumulo wami uthokoze phela mina ngykthanda mphefumulo wam
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami

ukuphela kwakhe bafowethu

ungang'thinti ungang'thikamezi
phela lo ngimkethe eningini
ngamkhiphe'manzini ngamlethe'mhlabeni wasenhliziyweni
bafowethu myekeleni sonke leskhathi benimzibeleni
sonke leskhathi baningamsheli ngani ngoba
phela nina ninothando oludepende emehlweni
mina nginothando oludepende enhliziyweni

ngiyabuza ubani obemnakile ubani omshelile bafowethu asingathathani
kancane
plz bafowethu asenze esikwenzayo kepha singafani
ehlane
singakhohlisani kephasisebenzise unembeza
nami kuyena bafowethu ngazisondeza kuloma bhebeza
ngapatanisa ngaqhathanisa ngamshela yena wabona ukuboza kwami ukthi ngiboziswa ukungakhulumi ulim lwebele kepha ulimi lwenhliziyo
lolu olungemnandi ukudlulu ubisi lwebele kepha oluhamba nemizwa yami ngaphakathi
yes kweyakhe wangifaka bese ngamkhiya enhliziyweni, yena kweyakhe wangida
musani ke nina uk'funa ukhiye
nami lona kmina ukuphela kwakhe
akekho omunye ngaphambi kwakhe engekho nangemva kwakhe
ngicela bafowethu nicabange nicabangela nina kanye nami
njengomfowen'ningangilengiseli ewni
ze sphileni kahle la emhlabeni
kungekcuphana ze uthokoze umphefumulo wami
phela mina ngyakthanda mphefumulo wami abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami

wanele oyedwa

kwenze okwenzayo kwenze kube khukhulu kodwa akungene oyedwa
yebo Odwa ngithi oyedwa uZodwa
vula inhliziyo uyivule kakhulu bese kungene oyedwa
vula inkundla uqoqe abadlali kepha akudlale abambalwa
sis wami ngithi akudlle abambalwa ze uthole uqobo lwakhe umaqondana

khumbula okoNowa umkhumbi kwangena nga 2 2 2 kepha yena weyeyedwa
kepha yena weyeyedwa yiba ke wedwa bhuti
uvule inhliziyo njengokaNowa umkhumbi kungene 2 2 2 ilesthandwa sakho nalo thando lwakho
ungeqisi askis ungabhanqi amathekeni yes
siyazi awothathekile-thina-ke asingabi izizathu zokuthathwa othathekile

yes kona kumnandi kunjeyaya
baningi bahamba ngo siyaya
abafowethu kepha akungene oyedwa
bosisi musani ukbangwa
nibahle niwomshoza futhi siyanithanda
ningabangi ke ukubangwa
syekeni ze siqhudelane
akashele ucabange
ashele umphendule
ashele ungamgculisi ngempendulo phela wena usalinde lona oze lana ukuzoshela i mean ukuzokutshela imizwa yemizwa yenhliziyo yakhe
ze wena kphela ube umkakhe
angshele ke mina ayanda ungiqome uthokozise umphefumulo wami
phela mina ngiyakuthanda mphefumulo wami abakhuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami

UMUNTU UMUNTU NGABANTU

ungasayshintshi lento yayinjalo futhi isenjalo
ayihlale kanjalo inganyakazi yazi kanjalo
ngizozigcina mina njalonjalo phela injalo
iphuma edunjini that's why kmele njalo skhumbuleni
ukuthi la emhlabeni silethelweni
phela kunjalo nje sonke simele izimpilo zethu
sona-ke isizathu kulezi ezintathu esangihlukanisa nozethu
ngathanda udedewethu u olwethu
phela olwethu lolu esilikhulisayo
phela owethu lomthwalo osisindayo
okwethu ukuthululela iznkathazo zethu bafowethu
ku jesu ze yena asinike isu
usu lumnandi kodwa asingakhohlwa abangathathi ntweni
sibathandazise kusimakade
ze bangahlupheki ingunaphakade, kade
phela inhlupheko sithi izophela, iphela
liyacanasa iyagcaluza endlini phela
akukho okokuphekwa akukho okuhlekwa kunalokho okokuhlekwa akungabi okokuhlupheka kepha sihlupheke sihluphekela ukuhleka kanye kanye
kanye nje empilweni wenz'buntu lowa muntu abe umuntu ngawe ngoba umenzele ubuntu  khumbula umuntu umuntu ngabantu
okwanamuhla akuphele kufeziwe sonke silindele ngokulangazela okungenangebhe
silinde wona phela umhla wokuphela
singabantu abanobuntu kwabanye abantu phela umuntu umuntu ngabantu

lethekeni ayikho ezintweni

ehhen emhlabeni yazi lethekeni
yathi kmina iseyntweni
yazi lo uthi kmina useyntweni
ungaseyntweni kanjan usala emhlabeni,
indlela yakho isaphokophele entweni?
entweni pela lenna ethuneni

cha yazi lethekeni izifaka engcupheni
ngathi izimbela umgodi obanzi njengowase zimayini
hybo lethekeni nokuba seyntweni
wena uzuzani kanti uma umuntu eseyntweni ngempela kuchazani?
wena sisi uchazani-uchaza bani-uchazwa yini ebuntombini?
yebo ebuntombini noma ungaseyona lena yasemhlangeni?

hybo lethekeni ithi kmina iseyntweni
nkokujika nje naloskhotheni usukeyntweni?
awuboni wena uphokophele esihogweni
yazi wena thekeni awunamahloni awuboni ukuthi awukho ezintweni
kepha wena u"yinto" "ewen"
phela wena ubhuquza othulini-
emini ka bha phela la isemhlabeni akekho oseyntweni

wena thekeni khohlwa awukho eyntweni
zoqala ukungena entweni ngokuboshwa or entweni efrigin  emakhazeni
usuphokophele ethuneni
ucaba indlela yakho ephokophele esihogweni

hybo ewna thekeni awukho eyntweni UYINTO EWENI
NXA UYITSHELA NGAMI

manje kusawuthando lolu olunje?

kusawuthando yini lolu olwenza nje?
usaysthandwa yin mawenza nje?
kusawukungithanda yini lokhu okunje?
mina ngisakuthanda yini ungenza nje?
sengiyakhathala nami manje
kanti uthando lwakho lunje?
cha phela mina angiyazi lento enje
ubani owathi kwi relationship kwenziwa kanje-akwenziwa kanje?
cha ngisazibuza namanje ngingabheke mpendulo namhlanje
kodwa okunje  okwaba nje
yingakho kunje nje.

ngak'fonela ngisakushela
ngak'fonela sesithandana
ngak'fonela wangi voicemaila
ngak'fonela uyibambe bese uyangi blackmaila
loluthando lwakho luyadura nale mssge ngizoyi emaila
ifike iyinhle bese wena uyibuyisele iyimbazo lenhliziyo yami
esendelene eduze nemizwa yami
phela wena awuseyona intombi yami
uyinto yami
u"yinto" yami engena "mbi"
coz manje sewenze nje sowumubi
hhay ebusweni kepha ekwenzeni nami manje
ngithi namhlanje inamhlanje enza kanje
nami ngizokwenza kanje
ze ungahlukumezeki ngokuzumeka umphefumulo wami
phela mina ng'yakthanda mphefumulo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami

khozi fm poem

UMA NGINAWE ANGIKAZE NGIJALE
UNGENA KUSHINTSHE UBUSO NGIVELE NISMILE
PHELA WENA UYISIKHONDLAKHONDLA
PHELA NEZINSEPHE ZAKHO ZINAMANDLA
ABASAKAZI KE LABO ABANAMANDLA
BONKE SHAME BANOMDLANDLA

LOLU UKHOZI
NO.1 EMZANSI-UWENA KHOZI
ONDIZELA PHEZULU UWENA KHOZI
CHANA AKWENZEKANGA NGENGOZI
CHANA AKWENZEKANGA NGENGOZI

WENA KHOZI FM UDUME IZWE LONKE
THINA KHOZI FM SIKUTHANDA SONKE
WENA UROCKA UMZANSI WONKE
WENA UROCKA KWELIKA OBAMA EMELIKA
WENA KHOZI FM UTHI UNYUKA
ABASAFUFUSA BEBE BEHLEKA
UBUWENA BUYASIPHEKA
UBUWENA ABANYE KUYABAQHUBA-
BAYEKE YONKE IMIKHUBA
OTHERWISE BATHATHA AMAKHUBA BAHAMBE BAYOLIMA

UTHANDO ESINALO NGAWE LUKHULU
LWAQALA KUBO PHELA OKHULU
NAKUBO PHELA OMKHULU
YITHI MANJE SILIDLULISELA KUBAZUKULU
WENA KHOZI UWUNDLUNKULU
KUTHINA SONKE UYIKOMKHULU
KHOZI UWUMKHULU—ABANYE ABAZUKULU
U ARE RESPECTED LIKE ABO WALTER SISULU
BAHLEHLA KAKHULU LABA ABEZA NGOBUVUNDULULU
PHELA BAYAYIFILA IPAIN YOKHOZI OLUSHAYA NEBULULU
NGAYO KALOKU IMBUMBULU

AWUH ZIKHONA EZEHORA NEHORA
ZILALELE AZINAKUKUBHORA
KODWA ZONA ZIZOKUKHOMBA
INDLELA YOKUPHUMELELA NOKUNDIZELA
PHEZULU NJENGALO UKHOZI OLUMAPHIKOPHIKO MAKHULU ZE LUNDIZELA PHEZULU

SONKE SIYAJABULA BESE USIS DUDU EYASIJULISA
NANGU NOBHUTI MANDLA UYASIJULISA
AWUVUSE WONKE UMHLABA UNONGCEBO NOLINDA SIBIYA
BESE UKHOZI LUBIYA
BESE SISHO SITHI SEKUNJALO
SIPHO MBATHA NAWE MROZA
NOBABILI SIYANIBIZA SITHI “WOZA”
YAFIKA IWEEKEND ZAMA, AWU ZAWA
ZIYAWA ZIWA NGAWE KIM NGCOBO
WENA KUTHINA EMZANSI USUWUMHLOBO
NOMA SINGAKUNIKI HOLO
KUYABANDA WENA ULIHLOBO


KUTHE KUSAMNYAMA EBUSWENI BENKAWU
LATHI UKHOZI AWU!!!
BAKHANYISELE NKOSINATHI MSHENGU
NGESIZULU UKHOHLWE ISILUNGU
AWU BANTU NAKU SINGENA EZULWINI
NALI IPARADESI
SIVALELISA KWI HAYIDESI
SIVALALISA KWIGIBHITHE
SIBINGELELA IKHENAN
SIFAKWE UYE USBU BUTHALEZI
APHELA NYA AMAZINYO ABUSHELELEZ
NANGU NOSABELO MAKHATHINI
ESIKHIPHA KHONA PHELA EHLATHINI
EZILETHA NGESOSO EZENKOLO
EZISIVULA INGQONDO

SESIPHELELE SONKE KULELIZWE
SESIDINGA YENA UNGIZWE MCHUNU
NASO PHELA ISIGQI SESIZWE
SENZE SIJABULE SIZE,
SITHOLE UKUNETHEZEKA
NGAYE PHELA UMAGAZI LUCKY SEFATSA
VUSI BATSHELE BAKHULUME SIZWE
SONKE NJENGESIZWE
SIZOQINA LAPHO NGEKE SIZE SIWE
AHHHHHAH LWANGENA UKHOZI OLUNGABOZI ABALEKA AMAGWALA
WOZA NAZO KHETHA GWALA
UZOBAVALA IMILOMO KUNGENJALO
UDT NGWENYA UZOBAGWINYA NJENGENGWENYA
SITHI ABAKHATHAZEKILE: YOBEH!!!!!!!!!
ABAJABULE NJALO NOKHATHIDE NGOBE,

YABONA-KE LUMNANDI LOLUSUKU
UFAKAZI UVICKY MASUKU
ENGIMLALELA NJALO USUKU NOSUKU
LAPHO ANGIBHEKE NZUZO-ANGITHI STHANDWA NZUZA
ABANGALULALELI UKHOZI BAZOLUZA

KONKE-KE MANJE SEKUMHLOPHE
PHELA USENGENILE U IRVIN SIHLOPHE
KODWA-KE KUPHI OKWENDLEBE UKUDLA?
NGIBUZA KUWE JOE HUDLA,
ASIYENI PHAMBILI SONKE KANCANE KANCANE
NJENGE NDLOVU
UYAZI-KE UTHANDA NDLOVU
KUTHI ANGIME NGOBA ANGEKE NGILWE
KUTHI ANGINIDUBE NGIKHUMBULA UPHUMLANI DUBE, AWWWWWEHHHHHHHHHHH




Wednesday, September 21, 2011

MY WORLD

THIS IS THE WORLD BLESSED WITH THESE CRATURES
THIS IS THE WORLD CURSED WITH THIS PHENOMENONES
THIS IS THE WORLD MY WORLD YOUR WORLD
WE WERE BORN IN THIS WORLD
OTHERS WERE CREATED IN THIS WORLD
WE ARE SUFFERING BECAUSE SOME ARE ENJOYING
THE LIFE IN THIS WORLD IS LIKE A FORCE
BOTH REPPELING AND ATTRACTING
POOR BEING REPELLED BT ATTRACTED BY POVERTY
WEALTHY BEING REPELLED BY COMMUNITY BT ATTRACTED BY WEALTHY

WHO IS DRIVING OUR LIVES?
WHO IS MISGUARDING OUR LIVES?
TO BE ACCEPTED DO WE NEED TO BE BOLD AND BEAUTFUL?
THE DAYS OF OUR LIVES ARE DETERMINING THE COMING GENERATION
IS THERE ISIDINGO OF LIVING IN THIS WORLD?
IF YOU LIVING THE ROUGH RIDDEN LIFE SPAR WILL DEFENETLY TELL YOU
THAT IT IS GOOD FOR YOU
DO WE NEED UMVHANDO TO BE SOMETHING?
DO WE NEED LOVE TO BE LOVED? IF YOU NOT LOVED HLOMLA WILL TELL YOU
ALL YOU NEED IS LOVE SO AS TO HAVE FRIENDS LIKE THESE

GUYS AND GALS WAKE UP NOW COZ ILANGA SELIMATHUNZI
DUKU DUKU UNGADUKUZI EMNYAMENI WASEHHOSTELA EROOM8 EMZINI WEZINSIZWA
BUT ENSURE THAT YOU HAVE UBAMBO LWAKHO THAT'S YOUR HEART
HEART THAT IS FREGILE  COZ IMPILO IYIJIKA MAJIKA
TODAY U HAPPY BUT WHAT IF TOMORROW NEVER COMES?
LIVE THE TODAY OF TODAY FOR TOMORROW
UNTILL THE FINAL DESTINATION IS DRIFTED
COZ IN THIS WORLD YOU ARE ACCEPTED
SO DON'T BE SO QUICK TO JUDJE THE BOOK BY ITS COVER
KNOW YOUR GUIDANCE FROM THE ALMIGHTY WE'LL MEET EJERUSALEMA
IN THE PERISHMENT OF DANVISTA MANSIONS

BELIEVE IT OR NOT YOU ARE IN THIS WORLD
ENSURE YOUR MSHINI IS STRONG
SO AS TO KNOW HOW TO DANCE IN THE RAIN
THE RAIN POURING YOUR HEAD
SALUTING YOUR ENERMIES WITH YOUR MIDDLE FINGER
SO THEY WILL KISS AND SAY GOODBYE WHEN YOU ARE GONE
TURNING ALL OF EM INTO TOY SOLDIERS
SINNING, FIGHTING AND FORGETTING
THAT YOU ARE LIVING IN THIS WORLD
THIS WORD IS FULL OF PRICES BEATEN BY QUALITY
SO WE NEED TO WORK TOGETHER
SIBEMUNYE ONE TIME SO AS TO BE ONE
IN THIS WORLD FOR SHO
ASINGAVUMI KE UKUZULA SIFUNA UKUFICA ILANGA
KANALOKHO ASIWUWEGCWELE UMFULA NJENGESOLEZWE
COZ WE WERE BORN, CREATED AND MADE IN THIS WORLD
THIS WORLD BLESSED BY ENGELS ENGELS THAT IS
A MEN
A MEN FROM A MEN WITH A WOMB THAT IS
A WOMAN A WOMAN THA IS
A BLACKQUEEN
A QUEEN THAT IS
INDONI YAMANZI, LE ENYATHELA NGABANTWANA, INDONI YAMANZI
YES O LETTER N
THAT MAKES ICE TO BE NICE
WE ARE LIVING IN THIS WORLD THAT IS
UNDER THE WEAKED ONE
AS WE ARE ALL STRIVING FOR ERTENITY LIFE
LIFE THAT IS FULL OF CIMPLICITY
CARE GIVING TO CHARITY
AND PRAISING THE ALMIGHTY

hppy bdae neh

MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

MBUKE UMBUKISISEH
JULA UJULISISEH
BHEKA UZIDELISEH
PHAMBILI MYISEH
AWU ULWESITHATHU NAMHLANJE
ELESHUMI NAMBILI SELIGAMENXE
IZINGELOSI EMAZULWINI ZISHAYA IZANDLA
UJESU EMAZULWINI UHOLA LELI BANDLA
CHANA UNGADIDEKI AKAPHUMI ENKANDLA

MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

UNKULUNKULU UNGIPHILE AMANDLA
OKUTHI NGIBHALE NGALENTOKAZI
KUMINA EYACISHE YABA UMFAZI
UYENA NJE OWUFAKAZI

MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

MANJE ISIZELWE INGANEH
INTANDO KABABA IFEZEKILEH
LESI SIKHATHI SESIFIKILEH
SILETHWE YIYO INHLONIPHO
CHANA 18yrs AKUSILO IPHUPHO


MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

AWU KODWA UTHANDO LWAKHO
UHLALE NJALO UNALO
UKUTHI LUNJANI CHA ANGILAZI
PHELA SHAME ON ME
ANGIZANGE NGILITHOLE ITHUBA
NGAKHO-KE UKUTHI OLWAKHE LUNJANI ANGILWAZI

MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

NDIMNCICI NDIMNGAKA
ANDINGO BHAKA
NGIBHALELA INKOSAZANA EMHLOPHE
PHELA LONA MUHLE
PHELA WENA NEH UTHANDIWE CHA SHAME UKHONZIWE

MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

ISMILE UZOKUNIKEZA
IMFUDUMALO UZOKUNIKEZA
NAMI MANJE IGLUE NGYAYINAMATHISELA
KAHLE KAKHULU HHAYI NJENGESELA
AWU PHELA LONA UMNTAKA MAYISELA
IMALI YAM ANDINAKUYISELA
NEPRESENT ANDINAKUYITHENGA
KALOKU WENA UFANELWE I HILTIN HOTEL
OKANYE IROYAL HOTEL
MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA…….

KENGOKU MNA ANDINAMALI
BESIZOLUGUBHA LOLUSUKU ENKUNDLENI
QHA AYIKAGQITYWA IMOSES MABHIDA
NEXXT YEAR SIYA KUYO LENKUNDLA
AWU USUKHULILE MANKOENDLA
QHUBEKA NJALO UNAMANDLA

MANJE NGITHI AWEH
MANJE NGITHI HABEH
PHELA USEZELWE UNEH
ONOMONA NGITHI WEH
IF UNGAKHOLWA HAMBOFA ESIHOGWENI
IZULU ILIKUFANELI
PHELA YENA KUM UYINGELOSI
PHELA YENA KUM UYINGILASI
MHLOPHE NENHLIZIYO NJENGE LAYISI

EJOI DA REST OF YO DAE
2DAE IZ DA DAE
MAE YO DREAMS COME TRUE
MAE YO WISHES COME TRUE
MAE YO RESOLUTIONS COME TRUE
MAE YO WORSTS COME TROUGH
LVE LVE AND LVE YO SELF
DES Z NO 2ND HALF IN DIS LYF
4GIVE YO ENEMIES
NEH NEH NEH
HEI HEI HEI











Sunday, September 18, 2011

SET ME FREE

Let’s have fun then take a hug for the last time,
I’m sorry, but of course it’s over this time,
Nothing’s wrong but I just needed some freedom,
Freedom that may perhaps give me wisdom,
Wisdom that was tied by chains of Mr. Love,

He’s not Love but he’s the imitation of Love,
Cause I know Love, he don’t do things this way,
So let’s be friends, maybe it’s better that way,
Since this may be love, but the one that’s not good for me,
And I know love, but this one is strange to me,

So take your love and keep it, then set me free.
A week may pass, maybe two or three,
Without even thinking of spending time with me,
When I need you, you seem to be so busy,
Busy with what? Answering you is not easy,

To you, love seems to be less important,
I give you eighty, then you give me twenty per cent,
Remember it ought to be fifty-fifty,
But at this time I don’t want you to feel guilty,
Cause this may be love, but the one that’s not good for me,

And I know love, but this one is strange to me,
So take your love and keep it, then set me free.
My daily decisions decides my destiny,
Neither Devil nor darkness may decide my destiny,
Deep down in the depth of a deserted Dreamland full of drought,

I lie down and digest my thoughts,
Asking myself several questions
That can’t be answered unless given attention,
Is It love that make good things delay?
Is it love that makes you to do things this way?
If it’s love, then it’s not good for me,
Cause I know love, but this one is strange to me,
So take your love and keep it, then set me free.
Da’Kgoyi

BEKUNJENGEPHUPHO

BEKUNJENGEPHUPHO
Ngazalwa, ngakhuliswa, ngafundiswa.
Ngafundiswa, ngayalwa, ngayalisiswa.
Inhlambi ifela emanzini,
Amaphikankani afel’ enkanini,
Ze uziphathe kahl’eNyuvesi, 5
Ungakhohlwa leqiw’endleleni,
Ubhek’ingculaz’ubhek’amacala’
Ingabe ukufunda kuyicala?
Ngizibuza ngiziphendula ngingabheke mpendulo,
Konke kumina kwakunjengephupho. 10
Ngafika kwamphela ndaba ngazizw’izindaba,
Ngakubona ngamehl’engangikuzwa ngendaba,
Ngambon’uNomusa, ngambon’uNobuhle,
Ngambon’uNtombenhle, yebo wayemuhle,
Ngambon’uNoluthando ngazizwa ngimthanda, 15
Ngamthanda, wangithanda, sathandana.
Konke kwakushesha kunqamlela kuy’zikhindi,
Ngamvakashela, yebo noseyosil’akakayidli,
Ngangqongqoza kwathi nya, ngaphinda kwathuleka,
Ngangqongqoza ngesineke iminyango yavuleka, 20
Yavuleka ngahleka kancane ngangena,
Ngangena kukhazimula ngingowokuqal’ukungena,
Lo khiy’uyaqal’ukuyivula le ngidi?
Yenzek’indab’enkul’igidigidi!
Ngokuzwel’ukushisa ngalikhumul’ijazi, 25
Kuyashisa kufudumel’amakhaz’ang’sawazi,
Kufudumele kamnandi kuvulwe ne
Yebo,ngayivula ngayidla le-
Wo! Okumnandi ngokushesha ukwedlula!
Okukhona bekungekho, kufikile kusazodlula. 30
Kuthe ngingazelele ngezizw’izindaba,
Zizimb’izindaba zishaqis’ikhanda,
Ukhulelw’uNoluthando. Wo amacala!
Itshe limi ngothi Nkombose kababa.
Ngahlala ngathula ngajula ngazumeka, 35
Ngalala, ngaphaphama ngavuka ngakhululeka,
Impela bengilele, konke bekuyiphupho,
Kwakungakholakali, kwakunjengephupho.
 
 
Nangu noNtombenhle sengimthanda,
Ubuhle bakhe bangenza ngamthanda, 40
Woza Ntombenhle, sala Noluthando.
Yeka uthando lukaNoluthando.
Ushoneph’unembeza s’fundiswa?
Is’fundiswa esayalwa sayalisiswa?
Ubhek’ingculaz’ubhek’amacala, 45
Yebo. Ngokungalaleli ngilenzil’icala,
Ngizobhekana nezinselelo zokukhulelwa kukaNoluthando,
Sikhulis’umtwana simnikez’uthando,
Noma engashabalal’awam’amaphupho,
Akusenani, kungizumile, bekunjengephupho. 50
Da’Kgoyi
pizza,
-heater,

Monday, September 12, 2011

nah usethathiwe u Madlamini

kumnandi kudelile
nami lelithuba ngilitholile
awu nelecture ngiyizwile
ka left shame ngikubonile
nenhliziyo yakho enhle nobuntu bakho obuhle
ungikhumbuza usisi wam uyamkela coz wena sana umuhle ngempela
anginankinga noma ungangidida ngokungidelela mina ngedwa anginakukudedela
buka-ke manje ngiyakutshela
buka-ke manje ngiyakuhlebela

it seems as if umaqondana sengmtholile
ithunzi elimhlophe okwalenhliziyo yalento eyimina ethanda wena lingisibekele
uthando lokuthanda wena othandwa iloluthando lwami olungathandi othanda ukungithanda kepha oluthanda lo ozongithanda
lo ozongithanda owu wsh nami angiziswisis coz ngikubukile namehlo angiwasusi even nelectre manje angisayizwisis
ngiyaphazamiseka kepha wena awusiye umphazamis miss coz awungidlalisi,
umphazamisi ilenhliziyo ekuthanda ngokungazenzis
thatha uthando lwakho ungithande ngalo ulethe kim ihapiness uqede isress if ungigabha eshhh yess-es

bengithi uyamoyizela kanti wena uyangihleka ngibe ngokuhleleka ngikubekela
linikine ikhanda ngizozicosha anginakukuhlehlela, akukho mbongi yakhathala kukhona imbongi yokubelesela ngoba phela imizwa yayo ayipheli ayidele ayifuneki ayidingeki kongacabangi hhay wena kepha bona
ngoba mina izigi zothando lwami zizokugasela - ungalindele njengesela uze uqonde umqondo wokuqala ukunqotshwa inqolobane
inqolobane yothando enhliziyweni yes ngisho ekujuleni kwayo wena -ke iba umkayo

sengifikile esigcawin
ungadideki angiphumi esikhwawin ehlathini ngiphuma ezintweni zasemhlbeni eshepstone
kwaze kwamndandi ngihleli nomadlamini kulentambamba yasemin
nenqgondo yami usuyithathile isile emasimin
ngyathemba sinawe sizothandana la ezinsukwini kungenjalo lana-ke evikini yebo nalana eklasin
gal u should undastand ma potential if ngithi ukuthola wena kuyi mission
umsangano wam uthando lwami ukuhlanya kwam ukuzinikela kwam konke kungenxa yakho kuphela
abanye ngiyababuka kepha inhliziyo iyabahlehlela
coz iyodwa engifuna ukuyihamba noyedwa indlela
angidlali ncamy kube ngiwukhaphela kube ngithi mlamu
kube ngiyilowa khethiwe ngabe ngiyakukhetha ngithi excuse me sis
ngicela ithuba plz
ithuba lokuphatha wena sitshe segolide inamuhla siliohendule usuku olubhora ngobumnandi "love holide"
ake sithandane buthule inhliziyo yakho ikhulume buthule uthule iphendule
silindeni-silindebani-sifunani-asithandani ngani
asinike ke wena ithuba ngitshele ithini uma mina ngithi asithandani ngani?
anwser:" nah usethathiwe uMadlamini"

Thursday, August 25, 2011

HAPPY LIFE IN X YEARS TIME


YOU ARE ALL WINNERS
YOU ARE ALL WINGERS
YOU ARE ALL SWIMMERS
YOU ARE ALL ACHIEVERS
YOU ARE ALL GOAL GOGO GETTERS-PLUS
WHAT YOU DO AT NIGHT IS RIGHT IF THERE IS LIGHT

LIFE IS SURELY FULLY OF FANTASY
LIFE PULLED BY GOALS
LIFE PUSHED BY DRIVES
FANTASISING THE FLIP FULL FREG OF LIFE
IN ALL YOUR ACTIONS
THIS IS YOUR LIFE, FULL OF TRANSITIONS
AS YOU BUID UP THE CREATION OF YOUR DESTINATION IN THIS NATION
BE THE POWER OF THIS NATION
DO UNDERSTAND YOUR POTENTIAL
THAT BEING HERE WAS A MISSION
OF ALWAYS FOLLOWING THE RIGHT DIRECTION UZE UPHA PHA PHA ME
SIPHAPHEME SIPHOKOPHELE PHAMBILI EMPUMELELWENI
WE ARE DEFENATELY LOOCKING FORWARD TO A CELEBRATION,

CELEBRATING THE CELEBRUNT OF OUR ACTIONS SI QO QO QO NDE
SIQONDE INGQINAMBA YEQOQOBQNE LENGQONDO EQEQESHWE
YAQONDISWA INQOLOBANE YESIQONQWANE SENDODA UNKULULUNKULU
YEBO LONA ESIMTHANDA KAKHULU
BAFOWETHU ASIYENI PHAMBILI
BAFOWETHU ASINGAKHOHLWA UMDALI
REMEMBER WHAT YO MAMA USED TO SAY
UNGAKAKHULEKI AWULALI
ESIKOLENI UYAFUNDA AWUDLALI
NOW YOU’VE GONE THIS FAR
KUGWEME-KE UKUFA
UKHOHLWE IFA ELIZOKUFAKA EFWINI ELIFOFOZELWE UDEVELI

QAQA UMQONDO UKHULUME INTO ENENGQONDO
UVALE UMLOMO UPHENDUKE NJENGESONDO
SA SE SI SO SU
SALE USUSEBENZISA ISINKWA NESU LOKUKUSIZA LISUSE ISONO-
SINGAKASONDELI SIPHAZAMISE ESONA SONA SIPHO ENGQONDO
SILETHE ESONA SONA SIFO INGQONDO ENGASILE
NGOBA UZOLALA UNGADLILE
USAWUMFUNDI AWUKHOKHI ISONDLO
USAWUMFUNDI AWU DEPEND KWIQOLO
YOU ARE NOW IN A POSITION
OF COMPLETING THIS MISSION

BY EXCELLENT ACTIONS AND RE-ACTIONS
FLIPPING THE PAGE OF COMMUNICATION TO YOUR COMMUNITY
NOT TO LIVE A LIFE OF A CELEBRITY
BUT TO STRIVE FOR ERTENITY
GIVEN TO YOU FREELY BY THE ALMIGHTY
AS ONE OF THE GODS BEST OF THE REST BLESSINGS
BRINGING LIFE TO YOUR LOYALTY
SI SI SI
SINGAKUZWA USUTHI UUMHLABA UYAHLABA KUBE KUNGUWE OHLABA UHLOKOLOZE IHLOHLOVANA LOMHLABA
NGOKULACK-INHLONIPHO

LIFE, MY LIFE, YOUR LIFE
FULL OF SIMPLICITY
CARE GIVING TO CHARITY
FULL OF INTELIGENCE
CRITICISM ACCEPTOR TO SOME EMMINENCE
NOT TOO BAD INFLUENCE
HAVING A VALID LIFES LICENCE
GIVING AND TAKING—TOGETHRNESS
AMONG OTHERS—
SINGASWELI ULWAZI FOR LIFTING OUR VERY OWN DREAMS
HERE YEAH M SMILING
HOPING TO GRADUATE SOON
DEPRISING ALL THE LOOMS
AS M LIVING MY OLD ROOM
NGIYODLA AMADLELO ALUHLAZA
NGIBE U-AYANDA MARAQANA
KAYI 1
 






Thursday, March 24, 2011

QHAWEKAZI MAMA WAMI

QHAWEKAZI NGISHO KUWE MANAKAZI
KAZI UHLELI KANJANI KULELOTHUNA ENGINGALAZI
LENA EYANGEHLELA NANAMHLANJE ANGIYAZI
OWAMI LONA ANGINGABAZI
KEPHA UDJ WAYIQEDA INGAKAQALI
UNOMPEMPE NAYE WAYIQEDA INGAKAQALI
NGANGISAMNCANE LAPHO UMAMA ENGISHIYA
WANGISHIYA NGENZA IBANGA LESITHATHU KWAKUWULWESITHATHU
KUNGENASIZATHU
EZINGANENI NGINGOWESITHATHU YIKO SENGITHATHA LELIGXATHU
NGIDUDUZWA UKUTHI UJESU WAVUKA NGOSUKU LWESITHATHU

NGEZWA NGOKUDLULA KWAKHO EMHLABENI  OKUZUMAYO UNGAGULANGA
KWAPHELA NYA KMINA UKUBA INKUNZI MALANGA
CHA LESI ESOKUQALA ESOKUGCINA ISIMANGA

ifa eliyigugu

LONA UYIMINA-LONA UGCWELE UBUMINA
AWU KODWA SITHOMBE SAMI
WENA UYISIPHO ENGISIPHATHISIWE
UBUWENA BUNGENZA NGILUZE UBUMINA
YEBO NGIYAVUMA UFIKE NGOKUZUMA
KODWA WENA UYIFA ELIYIGUGU

LITHI IBHAYBHELI ENGILIFUNDAYO ZITHIBE
WELL UMHLABA WANGIHLABA NGAWUHLABA
KWASE KWAQHAMUKA WENA
WENA AWUSILO NEZE IPHUTHA
IPHUTHA ILELI ENGALENZA NO MAMA WAKHO
KEPHA KMINA WENA UYISIBUSISO:
PHELA WENA UYIFA ELIYIGUGU

WAZALWA NGATSHELWA: NGABUZA MNTWANA MUNI?
KWATHULWA NGATSHELWA "INDODANA"
CHA ANGIZANGE NGIKHOLWE
MINA-LO AYANDA MARAQANA
SENGITHOLE OMELE UBUMINA EMHLABENI
CHA INGIBHEKILE LENDODA ENGAPHEZULU
YANGINIKA LONA MINA ESENGIZOMPHILELA
NAMI MANJE SENGIZIBONA NGIWUBABA
PHELA SENGITHOLILE EMHLABENI IFA ELIYIGUGU

MNGANI WAM, STHANDWA SAM, NDODANA
ANGINAKHO OKUNINGI KOKUKUYALA
COZ NAMI NGAYALWA NGANGALALELA
INYE INT EMQOKA PHILA IMPILO OZOYIJABULELA
ELAMI LELI ENGILAKHAYO-NGICELA NELAKHO UZAKHELE
IKUSASA ELIQHAKAZILE
UKHUMBULE UYIFA ELIYIGUGU

FANA NAMI STHOMBE SAM BT UNGANGIFUZI
NGIYASANGANA AT TIMES BT NGIKUNIKA IMVUME
ANGIFUNI UTHITHIZE UFUZE OBABA BAKHO MBUMBULU
NGEKE NGITHI ZIPHATHE KAHLE
COZ NAMI BATHI ANGIZIPHATHE KAHLE
KEPHA NGAPHELELWA ISIMILO
NGATHOLA WENA NGINGALINDELE-NGINGASHADILE
ANGINAMALI MGISAFUNDA
KODWA WENA KONKE ENGIKWENZAYO NGIZOKWENZELA WENA
NDODANA UTHI UBABA UNGABA IPLAYER
NDODANA WENZE SURE AWULIMALI ENKUNDLENI
NDODANA KMINA UYIFA ELIYIGUGU

NDODANA UYIFA ELIYIGUGU
KMINA UBUQEDILE UBUHLUNGU
FUTHI WENA UZOFUNDA NABELUNGU
UBELETHIWE UNYOKO WABUZWA UBUHLUNGU
LANA USUKAMHLABA OHLABAYO
HLAKANIPHA-KE UHLUKANISE INHLALO NGOBUHLE UKHOHLWE
OHLENGIWE NHLANGULANA ABANGAHLAKANIPHANGA
NGOKUSHIYA ULIMI LWABO LOHLANGA
BEPHILA IMPILO YAMANGA
BAQEDE LELI KMINA ELIYIGUGU IFA PHELA WENA KMINA UYIFA ELIYIGUGU

WENA UKHONA-ANGIZISOLI
BT DEEP INSYD MA HEART M CRYING
M CRYING BCOZ ANGIKAZE NGIKUBONE
IGAMA LAKHO ANGUKAZE NGILIZWE
WENA UYISIFO SOKUFUNDISWA NOKUQEQESHWA
ILOWO MGOMO ENGIZIMISELE UKUWENZA
STHANDWA SAM STHOMBE SAM
ONE DAE IS ONE DAE
ONE DA MA DREAM OF CEEING YOU WIIL COME TRUE
M JUST PRAYING THAT OKUHLE OKUHLE-OKWAMI OKWAMI
WENA UYIKHO KONKE ENGINAKHO NENGIZOBA NAKHO
NGIYAKUTHANDA SITHOMBE SAMI-KMINA WENA UYIFA ELIYIGUGU

Wednesday, March 2, 2011

NGEZWA NGAYE

KUKHONA LONA ENGEZWA NGAYE
WOZA NENDLEBE NGIKUTSHELE NGAYE
UZOKUKHULULA KUKHONA KONKE OKUGCWELE OMAYE!
MINA OWAMI OWAKHO NAWE
UTHANDO LWAKHE LUYABABAZEKA
UBUKHULU BAKHE BUYABABAZEKA
QALA UQONDE UKUTHI YENA UNGUMQONDISI WETHU
NGISHO KUWE DADEWETHU DEDA KWABAZOKULAHLEKISA ABAFOWETHU
ANGITHI NITHI LO--SIZOMBONA NGOMSO
YES UZOMBONA NGOMSO KEPHA MAZI KUQALA

LONA NGEZWA NGAYE KUDALA
YES NGADALWA NGADALULELWA NGAYE
NGAMTHANDA NGISAMNCANE KAKHULU NGANGINGAKASAZI ISILUNGU
YES NGANGISAWUMBUNGU-NGAKHULA UKHULU NOMKHULU
BANGITSHELA NABO NGISAWUMZUKULU
YIKO NAMHLANJE NGIMTHANDA KAKHULU FUTHI NGINELUKULUKU
LOKUKHONZA YENA YEDWA
NGIKHOHLWE ABO QUEEN NABO ZODWA

SONKE SIYADINGA UKUYA ENKONZWENI
NGOBA SONKE SAZALELWA ESONWENI
NGENXA YETHU UJESU WADLULA EKUFENI
ASIBAMBELELENI-KE KOKABABA UMTHETHO NGOBA INTETHELELO UYAYITHOLA EMTHETHWENI
ASIMTHANDENI SONKE COZ OWETHU SONKE
UBABA WATHANDA UMZALI OWANGIZALAYO
UMZALI OWANGIZALAYO WATHANDA MINA ANGIZALAYO
NGITHANDA-KE NJE NGOBA NGABA OTHANDIWEYO
NGAKHONJISWA INDLELA OKUMELE NGIHAMBE NGAYO
YIKHO SENGITHATHA LELI GXATHU
COZ KONKE MANJE ENGKWENZAYO KUNESIZATHU
BAFOWETHU NADADEWETHU NGICELA NINGIZWE
SONKE ASIYENI PHAMBILI NJENGESIZWE
SINGENZI NGATHI ASIBONI
ITS BETTER SAFE THAN SORRY
IMPILO YETHU LENA AYINGABOLI
SILIGADE3 NJALO ISELA
ELIZA NGENHLOSO YOKUHLASELA LISIFAKE EHLANE
NGEMPELA ASILIGWEMENI LELISELA ELIWUSATHANE
SENGIPHETHA NGITHANDA UKULETHA THA THE THI THO THU
THANDAZA BUTHULE KUTATA
THEMBA IMITHANDAZO IZOPHENDULEKA
THIBEKA KUZONA ZONKE IZIHIBE
THOBEKA PHAMBI KOMDALI
THUTHUKISA IKHONO LAKHO LOKUKHONZA
.