BEKUNJENGEPHUPHO
Ngazalwa, ngakhuliswa, ngafundiswa.
Ngafundiswa, ngayalwa, ngayalisiswa.
Inhlambi ifela emanzini,
Amaphikankani afel’ enkanini,
Ze uziphathe kahl’eNyuvesi, 5
Ungakhohlwa leqiw’endleleni,
Ubhek’ingculaz’ubhek’amacala’
Ingabe ukufunda kuyicala?
Ngizibuza ngiziphendula ngingabheke mpendulo,
Konke kumina kwakunjengephupho. 10
Ngafika kwamphela ndaba ngazizw’izindaba,
Ngakubona ngamehl’engangikuzwa ngendaba,
Ngambon’uNomusa, ngambon’uNobuhle,
Ngambon’uNtombenhle, yebo wayemuhle,
Ngambon’uNoluthando ngazizwa ngimthanda, 15
Ngamthanda, wangithanda, sathandana.
Konke kwakushesha kunqamlela kuy’zikhindi,
Ngamvakashela, yebo noseyosil’akakayidli,
Ngangqongqoza kwathi nya, ngaphinda kwathuleka,
Ngangqongqoza ngesineke iminyango yavuleka, 20
Yavuleka ngahleka kancane ngangena,
Ngangena kukhazimula ngingowokuqal’ukungena,
Lo khiy’uyaqal’ukuyivula le ngidi?
Yenzek’indab’enkul’igidigidi!
Ngokuzwel’ukushisa ngalikhumul’ijazi, 25
Kuyashisa kufudumel’amakhaz’ang’sawazi,
Kufudumele kamnandi kuvulwe ne
Yebo,ngayivula ngayidla le-
Wo! Okumnandi ngokushesha ukwedlula!
Okukhona bekungekho, kufikile kusazodlula. 30
Kuthe ngingazelele ngezizw’izindaba,
Zizimb’izindaba zishaqis’ikhanda,
Ukhulelw’uNoluthando. Wo amacala!
Itshe limi ngothi Nkombose kababa.
Ngahlala ngathula ngajula ngazumeka, 35
Ngalala, ngaphaphama ngavuka ngakhululeka,
Impela bengilele, konke bekuyiphupho,
Kwakungakholakali, kwakunjengephupho.
Nangu noNtombenhle sengimthanda,
Ubuhle bakhe bangenza ngamthanda, 40
Woza Ntombenhle, sala Noluthando.
Yeka uthando lukaNoluthando.
Ushoneph’unembeza s’fundiswa?
Is’fundiswa esayalwa sayalisiswa?
Ubhek’ingculaz’ubhek’amacala, 45
Yebo. Ngokungalaleli ngilenzil’icala,
Ngizobhekana nezinselelo zokukhulelwa kukaNoluthando,
Sikhulis’umtwana simnikez’uthando,
Noma engashabalal’awam’amaphupho,
Akusenani, kungizumile, bekunjengephupho. 50
Da’Kgoyi
pizza,-heater,
No comments:
Post a Comment