ngculaza ugcwele usifak'hlazweni
mpilo yami yasezweni ulenge'weni
nhliziyo yam ucwil'mafutheni
phela wena ngculaza uyangihlaza
ngakho phela ukuthi ngalaza
ngizibuka kdala zikhula ngizindakaza
zonke lezi zangasekhaya phela ngangisayintwana
yebo ngangisawumshana
yikho ngasekhaya mina ngashaya indiva
ngiziba ngifuna zona phela ezasemazweni
phela ngikhohliswe izwi ngizwe izwi lomdala wabadala kdala edalula:"induku enhle igawulwa ezizweni"
kanti mina angizogawula ezizweni ngizoba no gawu lwayo phela ingculazi
mina manje sengizofa ukufa engakuhambelayo
ngikhalela ifa abazali abalakhayo sengizoba into edabukisayo
ngyakhala ngyadabuka ngidaubukela wena ke mphefumulo wami phela
nyakthanda mphefumolo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami
abakuhlukumezayo ngiyabazonda mphefumulo wami
No comments:
Post a Comment